Back to Languages
Zulu - Chapter 29
Translation by Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Verse 1
ALIF LAM MEEM
Verse 2
Ngakube abantu bacabanga ukuthi bayekwe bathi, “siyakholwa futhi bona angeke balingwe yini?”
Verse 3
Futhi ngempela sabalinga labo ababengaphambilini kwabo ngakho-ke uMvelinqangi uyabazi labo abaneqiniso futhi uyabazi abaqamba amanga
Verse 4
Noma labo abenza izenzo ezimbi bacabanga ukuthi bangasidlula na? okubi yilokho abakwehlulelayo
Verse 5
NomangabengubaniowethembaukuhlangananoMvelinqangi ngakho-ke ngempela isikhathi sikaMvelinqangi siyeza futhi yena ungozwayo owaziyo
Verse 6
Futhi noma ngabe ngubani ozabalazayo kuphela uzabalazela umphefumulo wakhe ngempela uMvelinqangi akadingi lutho emhlabeni
Verse 7
Futhi labo abakholwayo benze imisebenzi elungileyo ngempela siyobasula ububi babo bese sibanika umvuzo omuhle kakhulu kwaloko ababekwenza
Verse 8
Futhi siyale umntu ukuthi enze okuhle kubazali bakhe kepha uma bezabalaza ukukwenza ukuthi ungenzele abahlanganyeli ekungikhonzeni lokho ongenalo ulwazi ngako ungabahloniphi bobabili kukumina ukuphindela kwenu bese nginitshela ngalokho enanikwenza
Verse 9
Futhi labo abakholwayo bese benza izenzo ezilungileyo ngempela siyobangenisa phakathi kwabalungileyo
Verse 10
Futhi phakathi kwabantu kunalabo abathi, “siyakholwa kuMvelinqangi” kepha uma behlushwa ngenxa kaMvelinqangi bathatha ukulingwa kwabantu njengesijeziso sikaMvelinqangi uma sekufika usizo oluvela eNkosini yakho bathi, “ngempela thina sasikanye nani” akusiyena yini uMvelinqangi owazi kangcono ngalokho okusezifubeni zemihlaba (zabantu namajinn) na
Verse 11
Futhi ngempela uMvelinqangi uyabazi labo abakholwayo futhi ngempela uyabazi abazenzisi (emva kokubalinga)
Verse 12
Futhi labo abangakholwa bathi kulabo abakholwayo “landelani indlela yethu ukuze sithwale izono zenu kulapho bona bengeke bathwale lutho lwezono zabo ngempela bona baqamba amanga
Verse 13
Futhi ngempela bayoyithwala imithwalo yabo neminye imithwalo kanye nemithwalo yabo futhi ngempela bayobuzwa ngosuku lokuvuka kwabafileyo mayelana nalokho ababekuqamba
Verse 14
Futhi ngampela samthumela uNowa ebantwini bakhe wayesehlala phakathi kwabo iminyaka eyinkulungwane ngaphandle kweminyaka engamashumi amahlanu ngakho-ke uzamcolo wabathatha kulapho bona beyizoni
Verse 15
Ngakho-ke samsindisa kanye nalabo ababesemkhunjini futhi sakwenza lokho kwaba yisifundo emihlabeni
Verse 16
No-Abraham khumbula ngenkathi ethi kubantu bakhe, “khonzani uMvelinqangi futhi nimesabe lokho kungcono kunina ukube benazi”
Verse 17
Kuphela nikhonza izithombe esikhundleni sikaMvelinqangi futhi niqamba amanga ngempela labo enibakhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi abanawo amandla okunika isabelo, ngakho-ke sifuneni kuMvelinqangi isabelo futhi mkhonzeni, futhi nimbonge niyophindiselwa kuyena
Verse 18
Futhi uma niwuphika (umyalezo) ngempela izizwe zawuphika ngaphambilini kwenu futhi awukho umsebenzi ophezu kwesithunywa ngaphandle kokudlulisela umyalezo ocacile
Verse 19
Aniboni yini ukuthi uMvelinqangi uyisungula kanjani indalo bese eyiveza kabusha ngempela lokho kulula kuMvelinqangi
Verse 20
Ithi, “hambani ezweni nibone ukuthi wayisungula kanjani indalo bese uMvelinqangi eveza indalo yempilo ezayo, ngempela uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto
Verse 21
Ujezisa noma ngabe ngubani omthandayo futhi abenomusa kunoma ngabe ngubani omthandayo futhi niyophindiselwa kuyena
Verse 22
Futhi nina aniphunyukile lapha emhlabeni nasezulwini futhi ngaphandle kukaMvelinqangi aninaye omunye umvikeli nomsizi
Verse 23
Futhi labo abangakholelwa emavesini kaMvelinqangi nasekuhlanganeni naye labo-ke abanalo ithemba emseni wami futhi labo okwabo yisijeziso esibuhlungu
Verse 24
Ngakho-ke ayibangalutho impendulo yabantu bakhe ngaphandle kokuthi bathi “mbulaleni noma nimshise”, kepha uMvelinqangi wamsindisa emlilweni ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abakholwayo
Verse 25
Futhi wathi, “kuphela nizithathele izithombe esikhundleni sikaMvelinqangi ngenxa yobungane phakathi kwenu empilweni yalomhlaba besekuthi ngosuku lokuvula kwabafikeleyo abanye benu baphike abanye futhi abanye benu bayoqalekisa abanye futhi indawo yenu yokuhlala kuyoba ngumlilo futhi angeke nibe nabo abasizi”
Verse 26
Wakholwa kuye uLothi wayesethi, “ngempela mina ngizoba ngoshiya ikhaya lami ngiye eNkosini yami ngempela yona iphakeme ngamandla inobuhlakani”
Verse 27
Futhi (u-Abraham) samupha u-Isaka noJakobe futhi enzalweni yakhe sabeka ubuphrofethi kanye nencwadi futhi samnikeza umvuzo wakhe kulomhlaba futhi ngempela yena empilweni ezayo uyokuba ngomunye wabalungileyo
Verse 28
NoLothi khumbula ngenkathi ethi ebantwini bakhe, “ngempela nina nenza ukukhohlakala eningakaze nedlulwe ngisho noma umuntu oyedwa kukona emihlabeni
Verse 29
Ngakube nina niza emadodeni futhi niphazamisa emgaqweni (niphanga izihambi) futhi emhlanganweni wenu nenza izenzo ezimbi ngakho-ke yayingelutho impendulo yabantu bakhe ngaphandle kokuthi bathi “silethele isijeziso sikaMvelinqangi uma kungukuthi wena ungomunye wabaneqiniso
Verse 30
Wathi, “Nkosi yami ngelekelele ebantwini abayizoni”
Verse 31
Futhi kwathi lapho sezifika izithunywa zethu ku-Abraham nezindaba ezinhle zathi “ngempela thina sizobabhubhisa abantu baledolobha ngempela abantu balo babeyizoni”
Verse 32
Wathi, “ngempela kulona kunoLothi” zathi “thina sazi kangcono ukuthi ngubani okulona ngempela sizomsindisa kanye nomndeni wakhe ngaphandle konkosikazi wakhe wayengomunye wabasalela ngemumva”
Verse 33
Futhi kwathi lapho izithunywa zethu sezifika waba lusizi ngenxa yazo wahamba elusizi ngenxa yazo zathi “ungesabi futhi ungaphatheki kabi ngempela thina sizokusindisa kanye nomndeni wakho ngaphandle konkosikazi wakho ungomunye wabasalela ngemumva”
Verse 34
Ngempela thina siyokwehlisela phezu kwabantu balelidolobha isijeziso esivela ezulwini ngenxa yokuthi bebephula umthetho
Verse 35
Futhi ngempela salushiya kulona uphawu olucacile kubantu abaqondayo
Verse 36
NaseMidyanisathumelaumfowabo uShuaybwathi,“Oh bantu bami! khonzani uMvelinqangi nithembe (umvuzo) wosuku lokugcina futhi ningenzi ububi ezweni njengezikhohlakali”
Verse 37
Ngakho-ke bamphika basebethathwa ukuzamazama komhlaba basala bedindilizile ezindlini zabo
Verse 38
No-A’D noThamund (ukubuyiswa kwabo) kwacaca kunina ezindlini zabo futhi uSathane wayenza yabukeka imihle kubona imisebenzi yabo wayesebavimbela endleleni (eqondile) kulapho bebhekile
Verse 39
NoQarun noFaro noHaman futhi ngempela uMose wafika kubona nezimpawu ezicacile kepha bazikhukhumeza emhlabeni futhi babengeke baphunyuke (esijezisweni)
Verse 40
Ngakho-ke ngamunye sambamba ngesono sakhe phakathi kwabo kunalabo esabathumelela ngesichotho futhi phakathi kwabo kunalabo abathathwa ngumsindo owesabekayo futhi phakathi kwabo kunalabo esabagwinyisa ngomhlabathi futhi phakathi kwabo kunalabo esabaminzisa futhi akusiyena uMvelinqangi owenza okungalungile kubona kepha imiphefumulo yabo eyenza okungalungile
Verse 41
Isibonelo salabo abathatha (onkulunkulu bamanga) njengabavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi sifana nesicabucabu esakha indlu futhi ngempela ezindlini eziyizintengentenge kakhulu yindlu yesicabucabu ukube nje babazi
Verse 42
Ngempela uMvelinqangi wazi noma ngabe yini abayimemezayo esikhundleni sakhe futhi yena uphakekeme ngamandla unobuhlakani
Verse 43
Futhi lezo yizibonelo esizenzela abantu futhi akekho oziqondayo ngaphandle kwabafundile
Verse 44
UMvelinqangi wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso, ngempela kulokho kunophawu kwabakholwayo
Verse 45
Funda lokho okwembulwa kuwena okusencwadini futhi wenze umthandazo, ngempela umthandazo wenqabela ezonweni nasezenzweni ezimbi futhi ngempela inkumbulo kaMvelinqangi yinkulu kakhulu, futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikwenzayo
Verse 46
Futhi ningaphikisani nabantu bencwadi ngaphandle kwaleyo (ndlela) engcono kakhulu, ngaphandle kwalabo abenza okungalungile phakathi kwabo futhi yithini, “siyakholwa kulokho okwambulwa kuthina nokwambulwa kunina futhi uNkulunkulu wethu noNkulunkulu wenu munye futhi thina siyazithoba ngaphansi kwentando yakhe
Verse 47
Futhi sayembula kanjalo kuwena incwadi ngakho-ke labo esabanika incwadi bayakhokhelwa kuyona futhi phakathi kwalaba kunalabo abakholelwa kuyona, abekho abawaphikayo amavesi ethu ngaphandle kwabangakholwa
Verse 48
Futhi awuzange uyifunde enye incwadi ngaphambilini kwayo lencwadi noma uyibhale ngesandla sakho sokudla, kepha abaqambi bamanga basekungabazeni
Verse 49
Qhabo! Wona angamavesi acacile ezinhliziyweni zalabo abesekwa ngolwazi, futhi abekho abawaphikayo amavesi ethu ngaphandle kwabayizoni
Verse 50
Futhi bathi, “kungani zingahliselwanga phansi kuyena izimpawu ezivela eNkosini yakhe na?” ithi “kuphela izimpawu zikuMvelinqangi futhi kuphela mina ngingumxwayisi ogqamile”
Verse 51
Akwanele yini kubona ukuthi thina sembule kuwena incwadi abafundelwa yona, ngempela kulokho kunomusa nesikhumbuzo kubantu abakholwayo
Verse 52
Ithi, “Wanele uMvelinqangi ukuba ngufakazi phakathi kwami nani wazi noma ngabe yini esemazulwini nasemhlabeni futhi labo abakholelwa emangeni futhi abangakholelwa kuMvelinqangi labo – ke bona bangabalahlekelweyo
Verse 53
Futhi bayakucela ukuthi usheshisa isijeziso, Ukuba kwakungesingenxa yesikhathi esinqunyiwe sasiyofika kubona isijeziso, futhi sasiyofika kubona bengazelele ngokuphazima kweso kulapho bona bengaboni
Verse 54
Bayakucela ukuthi usheshise isijeziso futhi ngempela isihogo siyobazungeza abangakholwa
Verse 55
Ngosuku lapho isijeziso siyokubamboza siqhamuka ngaphezulu kwabo nangaphansi kwezinyawo zabo futhi uyothi”yizwani enanivamise ukukwenza
Verse 56
Oh zinceku zami! Ezikholwayo ngempela umhlaba wami ubanzi Ngakho-ke khonzani mina ngedwa
Verse 57
Yonke imiphefumulo iyozwa ukufa bese nibuyiselwa kuthina
Verse 58
Futhi labo abakholwayo futhi abenza imisebenzi elungileyo ngempela siyobanika izindawo zokuhlala ezulwini (esivandeni) okugeleza ngaphansi kwaso imifula bayohlala lapho phakathi ingunaphakade, umvuzo omuhle kakhulu wabasebenzayo
Verse 59
Labo ababekezelayo futhi abathembela eNkosini yabo
Verse 60
Futhi zingaki izidalwa ezingaziphethe izabelo zazo na? NguMvelinqangi ozipha isabelo kanye nani futhi yena ungozwayo owaziyo
Verse 61
Futhi ukuba ubuzobabuza ukuthi ngubani owadala amazulu nomhlaba futhi wabeka ilanga nenyanga na? Bayothi ngempela “nguMvelinqangi kwenzeka kanjani ukuthi bachezuke (endleleni eqondile) na?”
Verse 62
UMvelinqangi welulela isipho kunoma ngabe ngubani amthandayo ezincekwini zakhe futhi ambeke esimweni sobuphofu, ngempela uMvelinqangi uyisazi sazozonke izinto
Verse 63
Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owehlisela phansi amanzi (imvula) avela esibhakabhakeni bese evusa ngawo umhlaba emva kokufa kwawo na? ngempela bayothi, “nguMvelinqangi”yithi, “udumo malube kuMvelinqangi” kepha iningi labo alinawo umqondo
Verse 64
Futhi impilo yalomhlaba ayiyilutho ngaphandle kokuthi iyinjabulo nomdlalo, futhi ngempela ikhaya lempilo ezayo lingelempilo (yangunaphakade) ukube nje bebazi
Verse 65
Ngakho-ke uma sebegibela emkhujini babiza uMvelinqangi ngobuqotho inkolo ingeyakhe (kuphela) kepha kwathi lapho ebasindisa ebafikisa emhlabeni kwaba yilapho bona bemenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni
Verse 66
Ukuze bangakubongi lokho esabapha kona futhi bazithokozise, kepha bayokwazi
Verse 67
Ababoni yini ukuthi sayenza indawo engcwele yaphepha kulapho bethathwa ngenkani abantu emaceleni abo ngakube bakholelwa enkohlakalweni bangakholelwa emseni ka Mvelinqangi na
Verse 68
Futhi ngubani ongenabulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga noma ophika iqiniso kulapho selifikile kuyena na? Akusona yini isihogo indawo yokuhlala abangakholwayo na
Verse 69
Futhi labo abazabalaza kanzima (endleleni) yethu ngempela siyobaholela endleleni yethu futhi ngempela uMveleinqangi ukanye nabenzi bokuhle