Back to Languages

    Zulu - Chapter 30

    Translation by Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

    Verse 1

    ALIF LAM MEEM

    Verse 2

    AbaseRoma banqontshwa

    Verse 3

    Ezweni eliseduzane futhi bona emva kokuhlulwa kwabo bayonqoba

    Verse 4

    Eminyakeni emibalwa, isinqumo singesikaMvelingangi ngemuva nangaphambili futhi ngalolosuku amakholwa ayojabula

    Verse 5

    Ngenxa yosizo lukaMvelinqangi usiza noma ngabe ngubani amthandayo futhi yena uphakeme ngamandla unesihawu

    Verse 6

    Isethembiso sika Mvelinqangi, uMvelinqangi akasephuli isethembiso sakhe kepha iningi labantu alazi

    Verse 7

    Bazi okubonakalayo kwempilo yalomhlaba, futhi bona abayinakile impilo ezayo

    Verse 8

    Abacabangi yini uqobo lwabo ukuthi uMvelinqangi akawadalanga amazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili. Ngaphandle kweqiniso nangokwesikhathi esimisiweyo na? futhi ngempela iningi labantu liyiziphiki ngokuhlangana neNkosi yabo

    Verse 9

    Abahambanga yini emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphethosalaboababengaphambilinikwabona?Babenamandla ngaphezu kwabo futhi babewulima umhlabathi futhi bahlala kuwona isikhathi eside ngokwedlulele kunokuhlala kwalaba, futhi zafika kubona izithunywa zabo nezimpawu ezicacile, ngakho-ke kwangungesiyena uMvelinqangi owenza okungalungile kubona kepha yimiphefumulo yabo eyenza okungalungile

    Verse 10

    Khona manjalo isiphetho salabo ababenza okubi sasisibi ngokuba babewaphika amavesi kaMvelinqangi futhi babewenza inhlekisa

    Verse 11

    UMvelinqangi usungula indalo bese eyiphinda bese nibuyiselwa kuyena

    Verse 12

    Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora izoni ziyopheleliswa ngethemba

    Verse 13

    Futhi angeke babenabo abakhulumeli phakathi kwezithixo zabo futhi bayoziphika izithixo zabo

    Verse 14

    Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora, ngalolosuku bayohlukaniswa

    Verse 15

    Ngakho-ke labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo bayokuba sengadini yentokozo

    Verse 16

    Futhi labo abangakholwanga abaphika amavesi ethu kanye nokuhlangana kwempilo ezayo labo bayolethwa esijezisweni

    Verse 17

    Ngakho-ke udumo malube kuMvelinqangi ngenkathi ningena kusihlwa nangenkathi ningena ekuseni

    Verse 18

    Futhi udumo lungolwakho emazulwini nasemhlabeni nasebusuku nasemini

    Verse 19

    Uveza ophilayo kofileyo futhi uveza ofile kophilayo futhi uphilisa umhlaba emva kokufa kwawo futhi niyovezwa kanjalo

    Verse 20

    Futhi olunye lwezimpawu zakhe (uMvelinqangi) ukuthi wanidala ngothuli kwase kuthi uma nina seningabantu nahlakazeka

    Verse 21

    Futhi olunye lwezimpawu zakhe ukuthi wanidalela amakhosikazi phakathi kwenu ukuze niphumule kuwona futhi phakathi kwenu wabeka uthando nomusa, ngempela kulokho kunezimpawu (nezifundo) ebantwini abacabangayo

    Verse 22

    Futhi olunye lwezimpawu zakhe yindalo yamazulu nomhlaba nokwehlukahlukana kwezilimi zenu kanye nemibala yenu, ngempela kulokho kunezimpawu kwabafundile

    Verse 23

    Futhi olunye lwezimpawu zakhe ukulala kwenu ebusuku nasemini nokufuna kwenu ububele bakhe, ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abezwayo

    Verse 24

    Futhi oluye lwezimpawu zakhe ukuthi unikhombisa umbani wokwesaba nowokunika ithemba futhi wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni bese ephilisa ngayo umhlaba emva kokufa kwawo, ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abanomqondo

    Verse 25

    Futhi olunye lwezimpawu zakhe wukuthi izulu nomhlaba kumile ngomyalelo wakhe kuyothi uma enibiza ubizo olulodwa emhlabeni bheka! Nina niyoza

    Verse 26

    Futhi ungowakhe noma ngabe ngubani osemazulwini nasemhlabeni bonke bayamhlonipha

    Verse 27

    Futhi nguyena osungula indalo bese eyiphinda, futhi lokho kulula kakhulu kuyena, futhi umfanekiso wakhe uphakeme kakhulu emazulwini nasemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla anobuhlakani

    Verse 28

    Wanenzela isibonele emiphefumulweni yenu. Ngakube ninabo yini kulabo abasezandleni zenu zangakwezokudla abahlanganyeli kulokhu esabela kona ngakho-ke nina niyalingana kukona niyabesaba njengoba nesabana nina uqobo lwenu, siwachaza kanjalo ngokucacile amavesi kubantu abanomqondo

    Verse 29

    Kepha labo abangalungile balandela izifiso zabo ngaphandle kolwazi, ngakho-ke ngubani ongahola lowo uMvelinqangi amshiye ekudukeni na? futhi angeke babenabo abelekeleli

    Verse 30

    Ngakho-ke bhekisa ubuso bakho enkolweni ngobuqotho, indalo kaMvelinqangi okuyiyona adalela abantu kuyona ayingashintshwa indalo kaMvelinqangi, leyo yinkolo eqondile kepha iningi labantu alazi

    Verse 31

    Wanidala ngendlela yokuthi njalo niphendukele kuye ngokuzisola, futhi nimesabe futhi nenze umthandazo futhi ningabi ngabanye balabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni

    Verse 32

    Owalabo abahlukanisa inkolo yabo babe ngamaqembu, iqembu neqembu lijabulela loko elinako

    Verse 33

    Futhi uma inhlupheko ibathinta abantu babiza iNkosi yabo bephendukela kuyona ngokuzisola besekuthi uma ibazwisa umusa wayo kubeyilapho iqembu phakathi kwabo lenzela iNkosi yalo abahlanganyeli ekuyikhonzeni

    Verse 34

    Ukuze bangabongi ngalokho esabapha kona, ngakho-ke zithokoziseni (okwesikhashana) kepha nizokwazi

    Verse 35

    Noma ngabe selehlisela phansi kubona igunya (incwadi) ekhuluma ngalokho ababenzela ngakho uMvelinqangi abahlanganyeli na

    Verse 36

    Futhi kwathi lapho sesibazwisa abantu umusa bawuthokozela futhi uma behlelwa okubi ngenxa yalokho okulethwe ngaphambili yizandla zabo bheka! baphelelwa yithemba

    Verse 37

    Ababoni yini ukuthi uMvelinqangi isabelo uselulela noma ngabe ngubani amthandayo futhi asinciphise (kunoma ngabe ngubani amthandayo) ngempela kulokho kunezimpawu ebantwini abakholwayo

    Verse 38

    Ngakho-ke nikeza isihlobo okusifanele noswele kanye nesihambilokhokuhlekulaboabafunaubusobukaMvelinqangi futhi bayilabo abayophumelela

    Verse 39

    Futhi noma ngabe yini eniphisana ngayo njengesipho ukuze kwandeengcebweniyabantungakho-keayandikuMvelinqangi futhi noma ngabe yini eniyinikelayo njengeZakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) nifisa ubuso bukaMvelinqangi, ngakho-ke labo bayophindaphindelwa kaningi

    Verse 40

    Umvelinqangi nguyena owanidala wayeseninika isabelo futhi uyokwenza ukuthi nife bese eniphilisa, ngakube ukhona yini phakathi kwabahlanganyeli (izithombeni) zenu ongenza okuthize okufana nalokhu na? Udumo malube kuye futhi uphakeme ngaphezu kwalokho abakuhlanganisa naye

    Verse 41

    Ububi bavela ezweni nasolwandle ngenxa yalokho okwavunwa yizandla zabantu, ukuze abenze ukuthi bezwe ingxenye yalokho ababekwenza ukuze babuye

    Verse 42

    Yithi, “hambani ezweni bese niyabona ukuthi sasinjani isiphethosalaboababengaphambilini, iningilabolaliyizikhonzi zezithombe”

    Verse 43

    Ngakho-ke bhekisa ubuso bakho enkolweni eqondile ngaphambi kokuba kufike usuku oluvela kuMvelinqangi akekho ongalugwema, ngalolosuku bayohlukaniswa

    Verse 44

    Noma ngabe ngubani ongakholwa uyohlukumezeka ngokungakholwa kwakhe futhi noma ngabe ngubani owenza imisebenzi emihle elungileyo ngakho-ke balungiselela imiphefumulo yabo indawo enhle

    Verse 45

    Ukuze abanike umvuzo emseni wakhe labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungeleyo, ngempela yena akabathandi abangakholwa

    Verse 46

    Futhi olunye lwezimpawu zakhe ukuthi uthumela imimoya ithwele izindaba ezinhle futhi anizwise emseni wakhe nokuthi imikhumbi ihambe ngemponqo yakhe nokuthi nifune umusa wakhe ukuze nibe nokubonga

    Verse 47

    Futhi ngempela sazithumela ngaphambilini kwakho izithunywa ebantwini bazo zafika kubona neziqinisekiso ezicacile sabe sesiyaziphindisela kulabo abayizoni futhi kufanelekile kuthina ukulekelela abakholwayo

    Verse 48

    UMvelinqangi nguyena othumela imimoya ukuze iphakamise amafu bese ewandlala esibhakabhakeni ngokuthanda kwakhe futhi uwenza izicucu bese ubona imvula iphuma phakathi kwawo, ngakho-ke uma eseyehlisele phezu kwalowo amthandayo ezincekwini zakhe bheka! zona ziyajabula

    Verse 49

    Futhi ngaphambi kokuba yehliselwe phezu kwabo ngaphambilini kwayo ngempela babephelelwe yithemba

    Verse 50

    Ngakho-ke bheka izimpawu zomusa kaMvelinqangi ukuthi uwuvusa kanjani umhlaba emva kokufa kwawo, ngempela lowo uyokuba ngumvusi wabafileyo futhi yena unamandla ngaphezu kwezinto zonke

    Verse 51

    Futhi uma sithumela umoya bese bewubona uphuzi ngempela bazoduka emva kwalokho bangakholwa

    Verse 52

    Ngakho-ke ngempela wena awukwazi ukwenza abafile bezwe futhi awukwazi ukwenza izithuli zizwe ukumenyezwa kulapho ziphenduka zibheka emuva

    Verse 53

    Futhi wena awusiyena umholi wezimpumputhe ekudukeni kwazo, awenzi ukuthi bezwe ngaphandlle kwalabo abakholelwa amavesini ethu kulapho bona bezithobile ngaphansi kwentando kaMvelinqangi

    Verse 54

    NguMvelinqangi owanidala (esimweni) sobuntekenteke emuva kobuntekenteke wenza amandla emva kwamandla wayesenza ubuntekenteke nezinwele ezimpunga. Udala noma ngabe yini ayithandayo futhi yena uyisazi ungusomandla

    Verse 55

    Futhi ngosuku ekuyofika ngalo ihora izoni ziyofunga ukuthi azihlalanga ngaphandle kwesikhathi esiyihora. Kanjalo zididisiwe ngasosonke isikhathi

    Verse 56

    Futhi labo abanikwa ulwazi nokholo bayothi, “ngempela nahlala ngokunqunywe nguMvelinqangi kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo ngakho-ke yilo lolusuku lokuvuka kwabafileyo, kepha nina naningazi

    Verse 57

    Ngakho-ke ngalolosuku labo ababeyizoni izaba labo angeke lisize ngalutho angeke banikwe ithuba (lokwenza okulungileyo)

    Verse 58

    Futhi ngempela sabenzela abantu zonke izibonelo kuleQur’an futhi uma ubalethela uphawu noma isiqiniseko ngempela labo abangakholwanga bangathi “nina aniyilutho ngaphandle kwabalandeli benkohliso”

    Verse 59

    Ngakho ke uzivala kanjalo uMvelinqangi izinhliziyo zalabo abangazi

    Verse 60

    Ngakho-ke bekezela ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso futhi abangakudumazi inhliziyo labo abangenako ukuqiniseka enkolweni

    Unexpected Application Error!

    Unexpected token '<', "<!DOCTYPE "... is not valid JSON

    SyntaxError: Unexpected token '<', "<!DOCTYPE "... is not valid JSON