Back to Languages
Zulu - Chapter 47
Translation by Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Verse 1
Labo abangakholwanga futhi abavimba endleleni kaMvelinqangi uyoyenza ize leze imisebenzi yabo
Verse 2
Futhi labo abakholwayo abenza izenzo ezinhle ezilungileyo futhi abakholelwa kulokho okwembulwa kuMuhammad futh kona kuyiqiniso elivela eNkosini yabo, iyozisusa kubona izenzo zabo ezimbi bese ilungisa isimo sabo
Verse 3
Lokho kungenxa yokuthi labo abangakholwanga balandela okungesilona iqiniso kepha labo abakholwayo balandela iqiniso elivela eNkosini yabo, kanjalo uMvelinqangi wenzela abantu imifanekiso yabo
Verse 4
Ngakho-keumanihlangana(empini) nalaboabangakholwanga bashayeni ezintanyeni zabo kuze kube yilapho nibehlula ngokugcwele, bese niqinisa ubudlelwane, emva kwalokho yisikhathi sesihe noma inhlengo kuze kube impi ibeka phansi umthwalo wayo, lokho ukube ubethanda uMvelinqangi wayezoziphindisela kubona, kepha ukuze avivinye abanye benu ngabanye, kepha labo ababulawa endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke akasoze alahle imisebenzi yabo
Verse 5
Uyobahola futhi alungise isimo sabo
Verse 6
Futhi abangenise ezulwini alazise bona
Verse 7
Oh Nina enikholwayo! Uma nimelekelela uMvelinqangi uyonilekelela futhi asimamise izinyawo zenu
Verse 8
Futhi labo abangakholwanga okwabo yimbubhiso futhi uMvelinqangi uyoyilahla imisebenzi yabo
Verse 9
Lokhu kungenxa yokuthi bayakuzonda lokho uMvelinqangi akwembulayo ngakho-ke wazenza zaba yize leze izenzo zabo
Verse 10
Ngakube abazange yini bahambe emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababengaphambilini kwabo, uMvelinqangi wababhubhisa nokufana nako (kulinde) kulabo abangakholwa
Verse 11
Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi ungumvikeli walabo abakholwayo futhi abangakholwa abanaye umvikeli
Verse 12
Ngempela uMvelinqangi ungenisa labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo amanzi kulapho labo abangazange bakholwe bezithokozisa futhi bedla ngendlela okudla ngayo izinkomo futhi umlilo yindawo yabo yokuhlala
Verse 13
Futhi mangaki amadolobha ayenamandla amakhulu ukwedlula idolobha lakho lelo elakuxosha, sababhubhisa abazange babenaye umelekeleli
Verse 14
Ngakube lowo osebufakazini obucacile obuvela eNkosini yakhe uyefana yini nalowo owenziwele sasihle isenzo sakhe esimbi, futhi balandela izifiso zabo
Verse 15
Incazelo yesivande leso esethenjiswa abalungileyo kusona phakathi kunemifula yamanzi angashintshi ubuwona kanye nemifula yobisi okungashintshi ukunambitheka kwayo kanye nemifula yewayini elimnandi kwabaliphuzayo kanye nemifula yoju olwenziwe kahle futhi okwabo lapho phakathi yizona zonke izinhlobonhlobo zezithelo nentethelelo evela eNkosini yabo, njengalabo abasemlilweni ingunaphakade futhi baphuziswe amanzi abilayo bese enquma amathumbu abo
Verse 16
Futhi phakathi kwabo kunalabo abakulalelayo kuze kuthi lapho uma besuka kuwena bathi kulabo abaphiwa ulwazi, “yini leyo ayishilo” labo bayilabo uMvelinqagi asicilele izinhliziyo zabo futhi abalandela izifiso zabo
Verse 17
Futhi labo abaholeleke (endleleni eqondile) uyabenyusela ekuholweni futhi ubanika ukulunga kwabo
Verse 18
Ngakube balindile ngaphandle kwehora ukuthi lifike kubona masinyane na? Kepha sezafika izimpawu zalo, ngakho-ke kuyokubanjani kubona uma sebefikelwa yisikhumbuzo sabo na
Verse 19
Ngakho-ke yazi ukuthi ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi futhi cela intethelelo ngesono sakho nesabesilisa abakholwayo nabesifazane abakholwayo futhi uMvelinqangi uyakwazi ukuhamba kwenu nendawo yenu yokuphumula
Verse 20
Futhi bathi labo abakholwayo, “kungani singembulwanga isahluko” kepha uma sesambulwa isahluko esinqumayo ekukhuluma ngokulwa kusona
Verse 21
Ukuhlonipha nenkulumo enhle uma udaba selunqunyiwe, ukube babeneqiniso kuMvelinqangi kwakuzokuba ngcono kubona
Verse 22
Ngakho-ke uma niphenduka nenza inkohlakalo emhlabeni futhi ninqamula ubuhlobo benu
Verse 23
Labo-ke bayilabo abaqalekisile uMvelinqangi wabenza babayizithuli futhi wavala ukubona kwabo
Verse 24
Ngakube abacabangi yini ngeQur’an noma ezinhliziyweni zabo kunezihluthulelo
Verse 25
Ngempela labo abaphendukela emumva, ngemva kokuba sekusobala kubona ukuholwa, usathane wabayenga futhi wabagcwalisela ithemba
Verse 26
Lokho kungenxa yokuthi bona bathi kulabo abazonda lokho akwembula uMvelinqangi “siyonihlonipha kwezinye izindaba” futhi uMvelinqangi uyazazi izimfihlo zabo
Verse 27
Kepha kuyobanjani uma izingelosi zibenza ukuthi bafe zibashaya ebusweni babo nasemihlane yabo na
Verse 28
Lokho kungenxa yokuthi bona babelandela lokho okucasula uMvelinqangi futhi bezonda injabulo yakhe, ngakho-ke wenza zaba yize leze izenzo zabo
Verse 29
Noma labo abanokugula ezinhliziyweni zabo bacabanga ukuthi angeke uMvelinqangi ayiveze inzondo yabo
Verse 30
Futhi uma sithanda sasizokukhombisa bona ukuze ubazi ngezimpawu zabo, futhi ubazi ngephimbo enkulumweni (yabo) futhi uMvelinqangi uyazazi izenzo zenu
Verse 31
Futhi ngempela sizonilinga kuze kube yilapho sibazi abazabalazayo phakathi kwenu kanye nababekezelayo futhi sivivinye izindaba zenu
Verse 32
Ngempela labo abangakholwanga futhi bevimba endleleni kaMvelinqangi futhi bephikisa isithunywa emva kokuba sekucacile kubona ukuholwa, ayisoze yamlimaza uMvelinqangi into futhi uyokwenza imisebenzi yabo ize leze
Verse 33
Oh Nina enakholwayo! Hloniphani uMvelinqangi futhi nihloniphe isithunywa futhi ningenzi imisebenzi yenu ize leze
Verse 34
Ngempela labo abangakholwanga futhi bevimba endleleni kaMvelinqangi babesebeyafa kulapho bona bengakholwa ngakho-ke akasoze abathethelele uMvelinqangi
Verse 35
Ngakho-ke ungaphatheki kabi bese nimemezela ukuthula kulapho nina ningaphezulu, futhi uMvelinqangi ukanye nani futhi akasoze anephuce imisebenzi yenu
Verse 36
Kuphela impilo yalomhlaba ngumdlalo nesilibaziso futhi uma nikholwa futhi nesaba (uMvelinqangi) uyoninika imivuzo yenu futhi akayiceli ingcebo yenu
Verse 37
Uma enganicela kona enicindezela, benizoncishana futhi ubezoyiveza inzondo yenu (ukungathandi kwenu)
Verse 38
Nilapha nina niyilabo enimenyelwe ukuthi nisebenzise endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke phakathi kwenu kunalabo abancishanayo futhi noma ngabe ngubani oncishanayo kuphela uncishanela umphefumulo wakhe futhi uMvelinqangi akaswele kepha nina 39. ningabaswele futhi uma niphendukela emumva uzoletha abanye abantu esikhundleni senu bese bengafani njengani