Back to Languages

    Zulu - Chapter 67

    Translation by Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

    Verse 1

    Ugcwele izibusiso lowo esandleni sakhe okunobukhosi (umbuso) futhi yena unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto

    Verse 2

    Lowo owadala ukufa nokuphila ukuze anilinge ukuthi ngubani wenu ongcono kakhulu ngezenzo futhi yena (uMvelinqangi) uphakeme ngamandla uyathethelela

    Verse 3

    Lowo owadala amazulu ayisikhombisa elinye phezulu kwelinye angeke usibone isici ezidalweni zonomusa, ngakho-ke phinda ubuke, ngakube uyakubona ukuqhekeka

    Verse 4

    Ngakho-ke phinda ukubuka kwakho kabili, kuzobuya ukubona kwakho kuzithobile futhi kukhathele

    Verse 5

    Futhi ngempela salenza labukeka lilihle izulu eliseduzane ngezibani (izinkanyezi) futhi sazenza (izinkanyezi) zaba yimijikijelokosathane(zivimbelaosathaneukuthibangasondeli ezulwini eliseduzane) futhi sabalungiselela (osathane) isijeziso somlilo ovuthayo

    Verse 6

    Futhi okwalabo abangakholwa eNkosini yabo yisijeziso sesihogo futhi kubi lapho kuyiwa khona

    Verse 7

    Uma bephonswa phakathi kusona bayozwa umsindo waso (ukubhonga kwaso) kulapho sona sibila

    Verse 8

    Sicishe siqhume (ngenxa) yentukuthelo yaso enkulu, ngasosonke isikhathi uma kuphonswa phakathi kusona iqembu bayobabuza abaqaphi baso (bathi) “ akuzange yini kufike kunina umxwayisi (isithunywa sikaMvelinqangi)

    Verse 9

    Bayothi, “yebo ngempela wafika kuthina umxwayisi manjalo samphika sabe sesithi uMvelinqangi akazange ehlisele lutho phansi (eyisambulo) nina (anisho lutho) ngaphandle kokuthi nisekudukeni okukhulu

    Verse 10

    Futhi bayothi, “ukube sasilalela noma sasinomqondo sasingeke sibe sezihlalini zomlilo ovuthayo

    Verse 11

    Manjalo bayozivuma izono zabo, ngakho-ke azibe kude le izihlali zomlilo ovuthayo

    Verse 12

    Ngempela labo abesaba iNkosi yabo esithe okwabo yintethelelo kanye nomvuzo omkhulu

    Verse 13

    Futhi yifihleni inkulumo yenu noma niyiveze, ngempela yena uyisazi saloko okusezifubeni

    Verse 14

    Ngakube (u-Allah) akamazi yini lowo owadala? Kanti yena (uMvelinqangi) umnene ungamele (zonke izinto)

    Verse 15

    Yena uyilowo owanenzela umhlaba ukuthi uthobe, ngakho-ke hambani ezindleleni zawo futhi nidle esabelweni sakhe futhi kukuyena (uMvelinqangi) ukuvuswa kwabafileyo

    Verse 16

    Ngakube nizizwa niphephile yini kulowo osezulwini ukuthi angeke enze umhlaba unigwinye kulapho wona uzamazama

    Verse 17

    Noma nizizwa niphephile yini kulowo osezulwini ukuthi angeke athumele kunina isivunguvungu somoya onamatshe bese niyazi ukuthi sinjani isexwayiso

    Verse 18

    Futhi ngempela baphika labo ababengaphambilini kwabo, manjalo (bheka) ukuthi sasisibi kanjami isijeziso sami

    Verse 19

    Abaziboni yini izinyoni ngaphezulu kwabo zivula amaphiko (kwesinye isikhathi) ziyawavala, akekho ozibambayo ngaphandle konomusa, ngempela yena zonke izinto uyazibona

    Verse 20

    Ngakube ngubani lona oyibutho lempi yenu, onilekelelayo ngaphandle konomusa? Ngempela abangakholwa (abekho kwenye indawo) ngaphandle kokuba senkohlisweni

    Verse 21

    Ngakube ngubani lona onabelayo uma esigodla isabelo sakhe? Kepha baqhubeka nokuqhosha nokubalekela (iqiniso)

    Verse 22

    Ngakube lowo ohamba ehuduleka ngobuso bakhe ungoholwe kangcono noma yilowo ohamba ngqo endleleni eqondile

    Verse 23

    Ithi, “yena uyilowo owaniveza wanenzela ukuzwa (amadlebe) namehlo kanye nezinhliziyo kuncane lokho enikubongayo”

    Verse 24

    Ithi, yena uyilowo owanidala emhlabeni futhi ikuyena lapho niyoqoqelwa khona

    Verse 25

    Futhi bathi, “siyofika nini lesisithembiso uma kungukuthi nina ningabaneqiniso”

    Verse 26

    Ithi, “kuphela ulwazi lukuMvelinqangi nokuthi kuphela mina ngingumxwayisi ocacile”

    Verse 27

    Kephaumasebesibona(isijezisoababexwayiswengaso) siseduze ubuso balabo abangakholwanga bube lusizi futhi kuyothiwa, “naku lokhu enanikumema (isijeziso enanixwayiswe ngaso)”

    Verse 28

    Ithi, “ngakube nicabangile uma uMvelinqangi engibhubhisa kanye nalabo abakanye nami noma ebanomusa kuthina, ngakho-ke ngubani ozosindisa abangakholwa esijezisweni esibuhlungu

    Verse 29

    Ithi, “yena ungonomusa siyakholwa kuyena futhi sethembele kuyena ngakho-ke nizokwazi ukuthi ngubani osephutheni (osekudukeni) okusobala”

    Verse 30

    Ithi, “ngakube nicabangile uma amanzi enu ezika (emhlabeni) ngakube ngubani onganilethela amanzi agelezayo na?”