Back to Languages
Zulu - Chapter 76
Translation by Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Verse 1
Ngempela ngakube safika yini kumuntu isikhathi lapho ayengeyilutho engacatshangwa
Verse 2
Ngempela thina samdala umuntu ngesidoda esihlangene (sowesilisa nowesifazane) samlinga sabe sesimenzela ukuzwa nokubona
Verse 3
Ngempela thina samholela endleleni ukuze abe ngobongayo noma ongabongi
Verse 4
Ngempela sabalungiselela abangakholwa amaketango namakhamandela nomlilo
Verse 5
Ngempela abalungile bayophuzela enkomishini (yewayini) elihlanganiswe namakha
Verse 6
Umthombo okuyophuza khona izinceku zikaMvelinqangi, ziyowenza ukuthi uphophoze ukuphophoza okuhle
Verse 7
Bafeza izifungo futhi besaba usuku ububi balo oluyokwanda (yonke indawo)
Verse 8
Futhi banikeza kanti bayakuthanda loko kudla, ngendlela athanda ngayo osweleyo nentandane kanye nesiqgila
Verse 9
Futhi bethi sinondlela ubuso bukaMvelinqangi – asiwufuni kunina umvuzo noma ukubongwa
Verse 10
Ngempela siyesaba eNkosini yethu usuku olulukhuni olunzima
Verse 11
Manjalo uyobasindisa uMvelinqangi ebubini balolosuku, futhi uyokwenza ukuthi bahlangane nobucwazicwazi kanye nenjabulo
Verse 12
Futhi uyobanika umvuzo ngokubekezela kwabo ngesivande kanye nosilika
Verse 13
Bephumulile lapho kusona (isivande) emibhedeni yokucambalala emini, phakathi abaliboni ilanga noma ukubanda okukhulu
Verse 14
Futhi eduzane ngaphezulu kwabo imithunzi yaso (isivande) futhi izithelo zaso ziyolengiselwa eduze kakhulu (ukuze bazithole kalula)
Verse 15
Futhi kuyojikeleziswa kubona izitsha zesiliva kanye nezinkomishi zengilazi
Verse 16
Izingilazi (ezenziwe) ngesiliva, ukwenziwa kwazo okulinganisiwe
Verse 17
Futhi bayophuziswa lapho phakathi enkomishini (yewayini) inhlanganisela yayo yijinja
Verse 18
Umthombo lapho phakathi (esivandeni) obizwa ngokuthi isalsabil
Verse 19
Futhi bayojikeleza phakathi kwabo abafana bangunaphakade, uma ubabona ucabanga ukuthi bawubuhlalu obuhlakazekile
Verse 20
Futhi uma ubheka (esivandeni ezulwini) uzobona injabulo nombuso omkhulu
Verse 21
Phezulu kwabo kuyokuba yizingubo zikasilika ezicolisisekile eziluhlaza nendwangu ehlotshiswe ngokugqamile futhi bayohlotshiswa ngamabhengela esiliva futhi iNkosi yabo iyobaphuzisa isiphuzo esihlanzayo
Verse 22
Ngempela lona ngumvuzo wenu futhi ukuzama (ukuzabalaza) kwenu kuyobongeka (kwamukeleke)
Verse 23
Ngempela thina sayembula kuwena iQur’an kancane kancane
Verse 24
Ngakho-ke bekezelela umthetho weNkosi yakho futhi ungamhloniphi phakathi kwabo oyisoni noma ongakholwa
Verse 25
Futhi khumbula igama leNkosi yakho (thandaza) ekuseni nakusihlwa
Verse 26
Kanye nasebusuku uyikhothamele (uyiguqele) futhi uyidumise ubusuku obude
Verse 27
Ngempela laba bathanda okwamanje (impilo yalomhlaba) bashiya ngemumva kwabo usuku olunzima
Verse 28
Thina sabadala saqinisa isimo sabo futhi uma sithanda singabashintsha ngabafana nabo ukubashintsha okuphelele
Verse 29
Ngempela lokhu yisikhumbuzo, ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akathathe indlela eya eNkosini yakhe
Verse 30
Futhi angeke nithande ngaphandle kokuba uma ethanda uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyisazi unobuhlakani
Verse 31
Ungenisa lowo amthandayo emseni wakhe futhi izoni wazilungiselela isijeziso esibuhlungu