Back to Languages

    Zulu - Chapter 8

    Translation by Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

    Verse 1

    Bayakubuza ngezimpango zempi ithi, “izimpango zingezikaMvelinqangi nesithunywa ngakho-ke sabani uMvelinqangi bese nilungisa lokho okuphakathi kwenu (ukungezwani) futhi nihloniphe uMvelinqangi nesithunywa sakhe uma kungukuthi nina ningabakholwayo

    Verse 2

    Kuphela abakholwayo yilabo uma kukhulunywa ngoMvelinqangi izinhliziyo zabo zigcwala ukwesaba futhi uma befundelwa amavesi akhe kuyenyukela kubona ukukholwa futhi babeka ithemba eNkosini yabo

    Verse 3

    Labo abenza imithandazo futhi nakulokho esibabele kona bakusebenzise (banikele ngakho)

    Verse 4

    Labo-ke bangamakholwa eqiniso okwabo amazinga (aphezulu) eNkosini yabo nentethelelo nesabelo esihloniphekile

    Verse 5

    Njengoba iNkosi yakho yakukhipha endlini yakho ngeqiniso futhi ngempela iqembu kwabakholwayo lalingakuthandi lokho

    Verse 6

    Bayakuphikisa mayelana neqiniso emva kokuba selicacisiwe kungathi badudulelwa ekufeni (kulapho) bona bekubona

    Verse 7

    Futhi ngenkathi uMvelinqangi enethembisa elinye lamaqembu amabili (elihlomile nelingahlomile) ukuthi lona libe ngelenu nafisa ukuthi lelo elalingahlomile kube ngelenu kepha uMvelinqangi uthanda ukumisa iqiniso ngamazwi akhe bese enqamula izimpande (amasu) abangakholwayo

    Verse 8

    Ukuze amise iqiniso abhuntshise amanga yize noma ngabe abayizoni bekuzonda lokho

    Verse 9

    (Khumbulani) ngenkathi nifuna usizo lweNkosi yenu ngakho- ke yaniphendula (yathi) “ngempela mina ngizonilekelela ngenkulungwane yezingelosi zilandelana (enye ilandela enye)

    Verse 10

    Futhi uMvelinqangi akasenzanga (leso simemezelo) ngaphandle kokuba (sibe) yizindaba ezimnandi nokuthi ukuze zenelekiseke izinhliziyo zenu (zibe nokuthula) futhi akukho ukunqoba ngaphandle kokunqoba okuvela kuMvelinqangi ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani

    Verse 11

    (Khumbulani) ngenkathi enimboza ngobuthongo okuwukuphepha okuvela kuyena futhi wehlisela phezulu kwenu amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni ukuze anihlanze ngayo futhi wakususa kunina ukungcola kukasathane futhi ukuze aqinise izinhliziyo zenu nokuthi aqinise izinyawo (zenu) ngakho

    Verse 12

    (Khumbula) ngenkathi iNkosi yakho yembula ezingelosini (ithi), “ngempela mina ngikanye nani ngakho-ke qinisani labo abakholwayo ngizophonsa uvalo ezinhliziyweni zalabo abangakholwayo ngakho-ke bashayeni ngaphezulu kwemiqala futhi nishaye yonke iminwe yabo

    Verse 13

    Lokhu kungenxa yokuthi bona babephikisana noMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi noma ngabe ngubani ophikisana ngakho, ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni

    Verse 14

    Leso (yisijeziso) senu ngakho-ke sizweni futhi ngempela okwabangakholwa yisijeziso somlilo (wesihogo)

    Verse 15

    Oh nina enikholwayo! Uma nihlangana empini nalabo abangakholwayo ningayifulathelisi imihlane yenu kubona

    Verse 16

    Futhi noma ngabe ngubani ofulathelisa umhlane wakhe kubona ngalolosuku ngaphandle uma evivela impi noma ebalekela (kwelinye) iqembu uzehlisele intukuthelo kaMvelinqangi futhi isiphephelo sakhe yisihogo futhi sibi leso siphetho

    Verse 17

    Ngakho-ke anibabulalanga kepha uMvelinqangi owababulala futhi awuphonsanga lutho ngenkathi uphonsa kepha uMvelinqangi owaphonsa ukuze avivinye abakholwayo ngakho ukuvivinya okuhle ngempela uMvelinqangi uyezwa unolwazi

    Verse 18

    Lokhu (kuyiqiniso) futhi ngempela uMvelinqangi ungumenzi wesu labangakholwa ukuthi lingaphumeleli

    Verse 19

    Uma (abangakholwayo) befuna isehlulelo sesifikile kubona kepha uma nipheza (ukwenza ukona) ngakho-ke lokho kungcono kunina kepha uma niphindela (ezonweni) sizophinda (ngoku nijezisa), futhi angeke liniphumelelise ngalutho iqembu lenu ngisho noma lingaba liningi uMvelinqangi ukanye nabakholwayo

    Verse 20

    Oh nina enikholwayo! Hloniphani uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi ningamfulatheli nibe nizwa (amavesi akhe)

    Verse 21

    Futhi ningafani njengalabo abathi, “sizwile kepha bona bengezwa”

    Verse 22

    Ngempela (abantu) bayizidalwa ezihambayo ezimbi kakhulu kuMvelinqangi izithuli nezimungulu ezingenamqondo (yilabo abangakholelwa emavesini)

    Verse 23

    Futhi uma uMvelinqangi azi ubuhle obuthize kuzona (izidalwa) ubezozenza zizwe futhi uma ubezenze zezwa bezizophendukela emumva zona zingabaphiki (beqiniso)

    Verse 24

    Oh nina enakholwayo! Phendulani kuMvelinqangi nasesithunyweni (sakhe) uma sinibizela kulokho okuniphilisayo futhi yazini ukuthi uMvelinqangi uza phakathi komuntu nenhliziyo yakhe nokuthi niyoqoqelwa kuyena

    Verse 25

    Futhi sabani ukulingwa (nokuvivinywa) okungeke kwehlele labo abakhethiweyo kunina abayizoni futhi yazini ukuthi uMvelinqangi unzima ekujeziseni

    Verse 26

    Futhi khumbulani ngenkathi nanimbalwa nibuthakathaka ezweni nesaba ukuthi abantu bangase banithumbe ngakho- ke wanikhoselisa futhi waneseka ngosizo lwakhe wanabela ezintweni ezinhle ukuze nibonge

    Verse 27

    Oh nina enikholwayo! musani ukuba abangathembekile kuMvelinqangi nasesithunyweni (sakhe) noma ningathembeki ezintweni enithenjwe ngazo nibe nazi

    Verse 28

    Futhi yazini ukuthi kuphela umcebo wenu nezingane zenu kungukulingwa nokuthi kuMvelinqangi kunomvuzo omkhulu

    Verse 29

    Oh nina enikholwayo! Uma nesaba uMvelinqangi uzonenza ukuba nikwazi ukwehlulela (phakathi kokuhle nokubi) futhi asule izono zenu futhi anithethelele futhi uMvelinqangi ungumnini womusa omkhulu

    Verse 30

    Futhi (khumbula) ngenkathi bebopha uzungu ngawe labo abangakholwa ukuthi bakuvimbele noma bakubulale noma bakuxoshe babebopha uzungu noMvelinqangi wabopha uzungu futhi uMvelinqangi ungongcono kunalabo ababopha uzungu

    Verse 31

    Futhi uma befundelwa amavesi ethu bathi, “sizwile ukube besithanda besingasho okufana nalokhu, lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuyizinganekwane zasendulo”

    Verse 32

    Futhi (khumbula) ngenkathi bethi, “Oh Mvelinqangi! Uma kungukuthi lokhu kuyiqiniso elivela kuwena ngakho-ke nethisela amatshe phezulu kwethu avela esibhakabhakeni noma ulethe isijeziso esibuhlungu”

    Verse 33

    Futhi uMvelinqangi angeke abajezise nawe ukanye nabo futhi uMvelinqangi angeke abajezise kulapho bona becela intethelelo (kaMvelinqangi)

    Verse 34

    Futhi kungani uMvelinqangi engeke abajezise ngenkathi bona bevimbela (abantu) eMasjid Al-Haraam futhi babengesibona abalondolozi bayo, ayinabalondolozi ngaphandle kwabalungileyo kepha iningi labo alazi

    Verse 35

    Futhi umthandazo wabo endlini (eMasjid Al-Haraam) wawungeyilutho ngaphandle kokushaya amakhwela nehlombe ngakho-ke yizwani isijeziso ngenxa yokungakholwa kwenu

    Verse 36

    Ngempela labo abangakholwa bachitha ingcebo yabo ukuze bavimbe endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke bayoqhubeka beyichitha (ingcebo) bese kuba ukuzisola (okukhulu) kubona bese benqotshwa futhi labo abangakholwa bayoqoqelwa ndawonye esihogweni

    Verse 37

    Ukuze uMvelinqangi ahlukanise abangalungile kwabalungile futhi abeke abangalungile omunye phezulu komunye bese ebanqwabela ndawonye abafake esihogweni labo-ke yibona abalahlekelweyo

    Verse 38

    Ithi kulabo abangangakholwanga uma beyeka (ukungakholwa) bayothethelelwa (izono) zabo zakudala kepha uma bephindela (lapho ekungakholweni) ngakho-ke kwagcwaliseka lokho okwakwenziwa ngabantu basendulo

    Verse 39

    Futhi nilwe nabo kuze kube kuyaphela ukungakholwa bese kuthi yonke inkolo ibengekaMvelinqangi kepha uma beyeka (ukungakholwa) ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyakubona lokho abakwenzayo

    Verse 40

    Futhi uma befulathela ngakho-ke yazini ukuthi uMvelinqangi ungumvikeli wenu, umvikeli wekhethelo nomsizi wekhethelo

    Verse 41

    Futhi yazini ukuthi uma nizuze okuthize empini ngakho-ke okukodwa kokuyisihlanu kwako kungokukaMvelinqangi nesithunywa nezihlobo ezisondelene nezintandane nabaswele nezihambi uma kungukuthi nina nakholwa kuMvelinqangi nakulokho esakwehlisela phansi encekwini yethu ngosuku lokwahlukanisa ngosuku mzukwane kuhlangana amaqembu amabili futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto

    Verse 42

    (Khumbula) ngenkathi nina naninganeno kwesigodi bona bekude bengaphesheya kwesigodi nezinqola zazingezansi kwenu futhi ukube nanizamile ukuhlangana (nezitha) ngempelananizohlulekaemhlanganweni(empini) kephaukuze uMvelinqangi afeze udaba olwaselunqunyiwe ukuthi labo okwakufanele babhubhe (ngenxa yokuphika kwabo ukholo) babhubhe ngobufakazi obucacile nalabo okwakufanele baphile (basinde ekubhujisweni) baphile ngobufakazi obucacile futhi ngempela uMvelinqangi uyezwa uyazi

    Verse 43

    Khumbula ngenkathi ekukhombisa bona uMvelinqangi ephuphweni lakho bembalwa futhi ukube wakukhombisa bona bebaningi ngempela (nina abakholwayo) nanizolahlekelwa ugqozi futhi ngempela nanizophikisana odabeni (ukuthi niye empini noma ningayi) kepha uMvelinqangi wanisindisa ngempela yena uyisazi salokho okusezifubeni

    Verse 44

    Futhi (khumbula) ngenkathi enikhombisa bona ngenkathi nihlangana bembalwa emehlweni enu futhi wanenza nabukeka nimbalwa emehlweni abo ukuze uMvelinqangi afeze udaba olwaselunqunyiwe futhi ikuMvelinqangi lapho zibuyiselwa khona izindaba

    Verse 45

    Oh Nina enikholwayo! uma nihlangane neqembu (lezitha) yimani ngokuzimisela futhi nikhumbule uMvelinqangi kaningi ukuze niphumelele

    Verse 46

    Futhi hloniphani uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi ningaphikisani lokho kunganenza ukuthi nilahlekelwe ugqozi (lokuya empini) nokuphelelwa ngamandla enu futhi nibekezele ngempela uMvelinqangi ukanye nababekezelayo

    Verse 47

    Futhi ningabi njengalabo abaphuma emizini yabo ngokuqhosha nokuthi babukwe ngabantu nokuthi bavimbela (abantu) endleleni kaMvelinqangi, futhi uMvelinqangi ungamele lokho abakwenzayo

    Verse 48

    Futhi (khumbula) ngenkathi usathane ebenzela ukuthi imisebenzi yabo ibukeke imihle futhi wathi, “namhlanje akekho onganinqoba phakathi kwabantu futhi ngempela mina ngingumakhelwane wenu (ngizonisiza)” ngakho-ke kwathi lapho amabutho amabili ebonana (ehlangana empini) waphendukela ezithendeni zakhe (wabaleka) wathi “ngempela mina angihlangene nani ngempela mina ngibona lokho eningakuboni ngempela mina ngiyamesaba uMvelinqangi futhi uMvelinqangi unzima ekujeziseni”

    Verse 49

    Ngenkathi abangabazenzisi nalabo ezinhliziyweni zabo okunesifo (labo abangakholwayo) bethi (kulabo abakholwayo) laba bakhohliswa yinkolo yabo futhi noma ngabe ngubani othembela kuMvelinqangi ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani

    Verse 50

    Futhi uma wawungase ubone ngenkathi izingelosi zithatha imiphefumulo yalabo abangakholwa zibashaya ebusweni babo nasemihlane yabo (zithi) yizwani isijeziso somlilo oshayo

    Verse 51

    Lokhu kungenxa yalokho okwenziwe yizandla zenu nokuthi uMvelinqangi akasiyena ongenabo ubulungiswa ezincekwini zakhe

    Verse 52

    Njengokwenza kwabantu baFaro kanye nalabo ababengaphambilini kwabo abaphika amavesi kaMvelinqangi ngakho-ke wababamba uMvelinqangi ngenxa yezono zabo ngempela uMvelinqangi unamandla unzima ekujeziseni

    Verse 53

    Lokhu kungenxa yokuthi uMvelinqangi akawushintshi umusa awethwesa abantu kuze kube yilapho beshintsha lokho okusemiphefumulweni yabo futhi uMvelinqangi ungozwayo owaziyo

    Verse 54

    Njengokwenza kwabantu baFaro kanye nalabo ababengaphambilini kwabo baphika amavesi eNkosi yabo ngakho-ke sababhubhisa ngenxa yezono zabo saminzisa abantu baFaro futhi bonke babeyizoni

    Verse 55

    Ngempela izidalwa ezihambayo ezimbi kuMvelinqangi yilezo eziphika ukholo ngakho-ke angeke bakholwe

    Verse 56

    Labo owenza nabo isivumelwano bayasephula isivumelwano sabo ngasosonke isikhathi futhi bona abamesabi uMvelinqangi

    Verse 57

    Uma nibafica empini hlakazekani kanye nabo ukuze labo abangemumva kwabo bakhumbule (babone)

    Verse 58

    Futhi uma kungukuthi wesaba ukuboshelwa uzungu ngabantu ngakho-ke phonsa (buyisela isivumelwano) kubona ngokufanayo ngempela uMvelinqangi akabathandi ababopha uzungu

    Verse 59

    Futhi abangacabangi labo abaphika ukholo ukuthi bayosala (bayosinda ekujezisweni) ngempela bona angeke baphunyuke (ekujezisweni)

    Verse 60

    Futhi balindeleni ngawo wonke amandla nangamahhashi empi enisongela ngawo izitha zikaMvelinqangi kanye nezitha zenu nezinye ngaphandle kwalezo eningazazi uMvelinqangi uyazazi futhi noma ngabe yini eniyichithayo endleleni kaMvelinqangi iyobuyiselwa kunina futhi nina angeke nenziwe okungesibona ubulungiswa

    Verse 61

    Futhi uma bethambekela (befuna) ukuthula ngakho-ke thambekela kukona futhi uthembele kuMvelinqangi ngempela yena ungozwayo onolwazi

    Verse 62

    Futhi uma befuna ukukukhohlisa ngakho-ke ngempela uMvelinqangi wenele kuwena yena ungowokweseka ngosizo lwakhe nangabakholwayo

    Verse 63

    Futhi wahlanganisa izinhliziyo zabo uma wawuchithe konke okusemhlabeni wawungeke uhlanganise izinhliziyo zabo kepha uMvelinqangi owabahlanganisa ngempela yena uphakeme ngamandla unobuhlakani

    Verse 64

    Oh mphrofethi! ukwenele uMvelinqangi kanye nalabo abakulandelayo abangamakholwa

    Verse 65

    Oh Mphrofethi! Gqugquzela abakholwayo ukuthi balwe (endleleni kaMvelinqangi), uma kukhona phakathi kwenu abangamashumi amabili ababekezelayo bayonqoba abangamakhulu amabili (kubona) futhi uma kunina kunabayikhulu bayonqoba abayinkulungwane kulabo abangakholwayo ngenxa yokuthi bona bangabantu abangaqondi

    Verse 66

    Manje uMvelinqangi usenenzele kwabalula kunina futhi wazi ukuthi kunobuthakathaka kunina ngakho-ke uma kukhona abayikhulu kunina ababekezelayo bayonqoba abangamakhulu amabili futhi uma kukhona abayinkulungwane kunina bayonqoba abayizinkulungwane ezimbili ngentando kaMvelinqangi futhi uMvelinqangi ukanye nababekezelayo

    Verse 67

    Akusikhona okomphrofethi ukuthi athumbe abantu empini ngaphandle kokuba uma (elwile nezitha) ezweni nifisa izinto zalomhlaba kepha uMvelinqangi (unifisela) impilo ezayo Futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani

    Verse 68

    Ukube kwakungesi ngenxa yesinqumo esivela kuMvelinqangi benizokwehlelwa yisijeziso esikhulu ngenxa yalokho enanikuthathileyo

    Verse 69

    Ngakho-ke yidlani ezintweni enizizuzile empini ezisemthethweni ukuba zingadliwa ezinhle futhi nesabe uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu

    Verse 70

    Oh Mphrofethi! Ithi kulabo abathunjwe empini abasezandleni zenu uma uMvelinqangi ekwazi okuhle okusezinhliziyweni zenu, uzoninika okungcono kunalokho okwathathwa kunina futhi anithethelele futhi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu

    Verse 71

    Futhi uma befisa ukwenza ubuqili kuwena ngempela babenza ubuqili kuMvelinqangi ngaphambilini ngakho-ke wakunika amandla ngaphezulu kwabo futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani

    Verse 72

    Ngempela labo abakholwayo abashiya imizi yabo baye kwenye indawo futhi bazabalaze ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo endleleni kaMvelinqangi kanye nalabo ababanika indawo yokukhosela futhi basiza, labo-ke abanye babo bangabangane babanye kanye nalabo abakholwa kepha abangazange bashiye imizi yabo baye kwezinye izindawo ningabavikeli ngalutho kuze kube bashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi uma becela usizo kunina mayelana nenkolo ngakho-ke umthwalo ophezulu kwenu ukubasiza ngaphandle kwabantu okunesivumelwano phakathi kwenu nabo futhi uMvelinqangi ungumboni walokho enikwenzayo

    Verse 73

    Kanye nalabo abaphika ukholo abanye babo bangabangane babanye uma ningakwenzi lokho ifitna (ukungakholwa nengcindezelo) emhlabeni nokukhohlakala okukhulu

    Verse 74

    Kanye nalabo abakholwayo futhi bashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi bazabalaza endleleni kaMvelinqangi kanye nalabo ababakhoselisa futhi babasiza labo bangabakholwayo ngokweqiniso okwabo yintethelelo nokuhlinzekwa okusezingeni eliphezulu

    Verse 75

    Futhi labo abakholwayo emva (kwesikhashana) futhi bashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi bazabalaza kanye nani ngakho-ke labo bangabangani benu, nezihlobo ezosondelene ezinye zazo kwezinye (mayelana nefa) elabekwa nguMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungumazi wakho konke