Back to Languages

    Zulu - Chapter 85

    Translation by Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

    Verse 1

    Futhi ngifunga ngesibhakabhaka esibambe izinkanyezi ezinkulu

    Verse 2

    Futhi ngifunga nangosuku oluthenjisiwe

    Verse 3

    Nangofakazi kanye nalokho okufakazelwayo

    Verse 4

    Babhujisiwe (abaqalekiswa) yizihlali zasemseleni

    Verse 5

    Umlilo ogcwele izinkuni

    Verse 6

    Ngenkathi bona bahleli eduzane nawo

    Verse 7

    Futhibonabengofakazikulokhoabakwenzayokwabakholwayo

    Verse 8

    Futhi abazange babahluphe ngaphandle kokuthi abakholelwe kuMvelinqangi ophakeme ngamandla odunyiswayo

    Verse 9

    Lowo okungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba futhi uMvelinqangi ungobonwayo (ongufakazi) phezulu kwezinto zonke

    Verse 10

    Ngempela labo abalinga abakholwayo besilisa nabakholwayo besifazane bese bengazisoli (kuMvelinqangi) ngakho-ke okwabo yisijeziso sesihogo futhi okwabo yisijeziso somlilo ovuthayo

    Verse 11

    Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo okwabo yizivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula, lokho yimpumelelo enkulu

    Verse 12

    Ngempela ukushaya kweNkosi yakho kunzima

    Verse 13

    Ngempela iyona eqala (indalo) futhi iyiphinde

    Verse 14

    Futhi yona iyathethelela inothando

    Verse 15

    Umnikazi wesihlalo sobukhosi, Almajid (odunyiswayo ohlonishwayo)

    Verse 16

    Umenzi walokho akuthandayo

    Verse 17

    Ngakube yafika yini indaba yamabutho empi

    Verse 18

    UFaro kanye noThamud

    Verse 19

    Kepha labo abangakholwanga basekuphikeni

    Verse 20

    Futhi uMvelinqangi ubasingethe ngemumva kwabo

    Verse 21

    Kepha yona iyiQur’an ehloniphekile

    Verse 22

    Esoqwembeni olugciniwe

    Unexpected Application Error!

    Unexpected token '<', "<!DOCTYPE "... is not valid JSON

    SyntaxError: Unexpected token '<', "<!DOCTYPE "... is not valid JSON